
UMengameli weqembu loMkhonto weSizwe, uJacob Zuma, ukhulume kafushane nesizwe namuhla, ngoLwesihlanu womhlaka-30 October 2026 ngo-20:30, bukhoma kue-YouTube weqembu.
Uzwakalise ukubonga ngamazwi amahle ngesikhathi engaphathekile, wabe esephendukela odabeni lokhetho.
UZuma enkulumeni yakhe yokuqala selokhu alaliswa esibhedlela ufise ukuba wonke umuntu avote, futhi avote ngendlela efanele kodwa ngaphezu kwakho konke, ufise ukuba abantu bavotele iqembu loMkhonto weSizwe.
“Ngizojabula kakhulu, futhi nginesiqiniseko sokuthi baningi abazokwenza lokho. Labo abahambisana nathi bafuna ukwenza izwe lethu libe yizwe elihle.”
UMengameli weqembu uphinde watshela abantu baseNingizimu Afrika abake babhekana nezimo ezinzima kakhulu iminyaka eminingi ukuthi lesi yisikhathi sokuba bangene, bathathe izintambo, futhi benze izwe lethu libe yizwe lokuthula.
“Ngomhlaka-4 November, silindele ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baphume ngobuningi babo bayovota; bavotela iqembu loMkhonto weSizwe. Thina, njengoMkhonto weSizwe, kumele siphume ngobuningi bethu siyovota ngendlela efanele, sinqobe, futhi silungele ukuhola leli zwe. Sisize abantu baseNingizimu Afrika ukuba babe yilokho okufanele babe yikho. Akungabazeki lokhu; kungakhathaliseki ukuthi abanye bathini noma benzeni, thina sikulungele ukuthatha izintambo.
“Senze isimemo esikhulu kubantu baseNingizimu Afrika sokuthi kumele sibuyise izwe lethu; nginesiqiniseko sokuthi abantu bethu bazokwenza lokho, bese senza iNingizimu Afrika ibe yizwe elihlonishwayo phakathi kwezinye izizwe.”
NgeSonto, lomhlaka-1 November 2026, uMengameli we-MKP uZuma uzobe eKwaMashu, eralini ye-Sithatha Omaspala ePrincess Magogo Stadium, ngo-10:00.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
