
I-KwaZulu-Natal Economic Regulatory Authority ithi konke ukuvuselelwa kwamalayisensi otshwala kumele kuthunyelwe nge-Electronic Liquor Management System kusukela ngomhlaka-1 November 2026.
Abanikazi bamalayisensi otshwala eKZN ngeke besakwazi ukuthumela izicelo zokuvuselelwa kwamalayisensi ngesandla kusukela kusasa, umhla lu-1 November 2026.
I-KwaZulu-Natal Economic Regulatory Authority ithi konke ukuvuselelwa kuzodingeka kwenziwe futhi kuqedwe ku-inthanethi nge-Electronic Liquor Management System, eyaziwa ngokuthi yi-ELMS.
I-KwaZulu-Natal Economic Regulatory Authority ithi lesi sinyathelo sihlose ukunciphisa ukubambezeleka kwenqubekeelaphambili.
Uhlelo luyazibalela izimali nezinhlawulo ezifanele, luphinde lukwazi ukuvumela abaqhubi nabeluleki ukuphatha amalayisensi amaningi ngaphansi kwephrofayili eyodwa.
Abantu abafaka izicelo bayakhunjuzwa ukuthi babe namaphepha abo okusekela izicelo, futhi baqinisekise ukuthi banemali eyanele ezikhwama zabo zedijithali (digital wallets) ngaphambi kokuqala inqubo.
UBheki Mbanjwa oyi-Chief Operations Officer, uthi abanikazi bamalayisensi abadinga usizo ngokubhalisa bangavakashela amahhovisi esifunda aseduze nabo.
“Uhlelo olusha oluku-inthanethi lwenzelwe ukwenza lula nokusheshisa inqubo yokuvuselela kanti futhi lukhuthaza indlela yokungasebenzisi amaphepha. Okunye okwenziwe yilolu hlelo, lwenze abanikazi bamalayisense bathole ubufakazi bokuvuselela ngokushesha uma beqeda inqubo. Bonke abanikazi bamalayisense otshwala bakhuthazwa ukuba babhalise ku-portal ye-eLMS belungiselela ushintsho nokuqinisekisa inqubo yokuvuselela ebushelelezi.”
I-portal yokuvuselela iyatholakala ku-elmsportal.kznera.org.za.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
