
Amaphoyisa KwaZulu-Natal asebophe umsolwa wesibili oyamaniswa nokubulawa kosomatekisi kanye nalowo ongunogada wakhe emkhehlweni eNquthu ngomhlaka-27 September 2026.
Ngalolo suku, uSandile Makhoba, ongumnikazi wamatekisi, kanye nonogada wakhe, uNathi Mdlalose, babehambele umshado, eHlathi Dam, eNquthu ngesikhathi behlaselwa ngabantu ababili abavele bavulela ngenganono bebhekise kubona. Izisulu zombili zashonela khona endaweni yesigameko ngenxa yamanxeba amaningi okudutshulwa. Kulesi sigameko kwasinda amanye amadoda amathathu nakuba athola ukulimala.
Kusolwa ukuthi umsolwa wathatha isibhamu sonogada wosomatekisi ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lwe-Hyundai Venue eyayipakwe emgwaqweni. Le moto, eyayihamba ngesivinini esikhulu, yashayisana nezinye izimoto ezimbili ebhulohweni laseHlathi yahluleka ukuma. Kwabikelwa amaphoyisa okuyiwo abalandela.
Ngesikhathi bebona ukuthi amaphoyisa ayabalandela, abasolwa bavele bayishiya kanjalo imoto yabo babaleka ngezinyawo. Omunye wabasolwa wabanjwa ehlathini okuyilkapho aboshwa khonai, wabe esehlonzwa njengoSiyabonga Noshwama, umshayeli wemoto ababehamba ngayo. Ubekwe amacala kanti futhi useke wavela eNkantolo yeMantshi yaseNquthu. Uzobuyela enkantolo ngomhlaka-13 November 2026.
Umnsolwa wesibili, 34, uboshwe ngabaseshi bophiko lwe-Provincial Taxi Violence eNkantolo yeMantshi yaseGermiston esifundazweni saseGauteng, lapho ayevele khona ngecala elihlukile lokuphanga nokughumba.
Lo msolwa wabe eseyiswa egujini lakhe lapho amaphoyisa athola izinhlamvu zesibhamu, wathweswa icala lokutholakala nezinhlamvu zesibhamu ngokungemthetho.
Umsolwa obengaphandle ngebheyili ngesikhathi kwenzeka isigameko sokubulawa kwabantu ababili eNquthu, uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseNquthu ngoLwesine, 12 November 2026, ngamacala amabili okubulala namathathu okuzama ukubulala. Ukuthungathwa kwabanye abasolwa kuyaqhubeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
