
Zingaphezu kwezingu-20,600 izimoto zakwaChery nakwa-Omoda okudingeka zibuyiselwe emuva ezweni lonke ngenxa yezinkinga zokuphepha ezingaba khona.
I-National Consumer Commission (NCC) ithi ukubuyiselwa emuva kuthinta izimoto zohlobo lwe-Chery Tiggo 4, yi-Omoda C5 kanye neCherry Tiggo 8 Pro Max 2.0.
Lezi zinkinga ziyingozi enkulu.
Imoto yohlobo lwe-Tiggo 4 eyathengiswa phakathi kuka-October 2023 noMarch 2024 kanye namamodeli e-Omoda C5 athengiswa phakathi kukaFebruary 2023 noJuly 2026 kungenzeka ukuthi anenkinga ye-welding kwi-axle yangemuva.
Lokhu kungabangela umonakalo omkhulu ongaholela ekutheni kuphume i-axle.
Imoto yohlobo lwe-Tiggo 8 Pro Max eyenziwe ngoMay 2026 yona isengozni ehlukile kulezi ezinye.
Ipayipi layo langaphambili lebhuleki lingaguga ngokumelene ne-turbocharger, okungase kubangele ukuvuza kwebhuleki kanye nokwehla kwezinga lokusebenza kwebhuleki.
Abanikazi bayanxuswa ukuthi baxhumane nabathengisi be-Chery abagunyaziwe ukuze zizohlolwa ziphinde zilungiswe.
Yonke imisebenzi yokulungisa izokwenziwa mahhala.
I-NCC ithi iphinde iphenya i-Chery ngezinsolo zokuthi kwake kwabuyiselwa izimot emuva ngapjhambili ngaphandle kokubikela iKhomishini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
