
Abantu abayisishiyagalolunye abadabuka eZimbabwe bavele ezinkantolo ezimbili ezahlukene eGauteng kulandela ukuboshwa kwabo ngezinsolo zokuzama ukuphuma eNingizimu Afrika ukuze ziyobamba iqhaza empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine.
Ngokusho kweNational Prosecuting Authority (NPA), la madoda ayisishiyagalolunye aboshwe ngeSonto kulandela uphenyo olusekelwe olwazini oluqoqwe yizinhlaka zezobunhloli.
Abahlanu babasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngemuva kokuboshwa kwabo e-OR Tambo International Airport.
La madoda ahlonzwe njengoWeight Mudhanyane, 23, uJavangwe Munyaradzi, 41, uWesley Sothole, 24, u-Abel Muchenje, 40, kanye noKnowledge Ndunduma, 46.
Abasolwa abane abasasele; nguBobo Chinhondo, 43, uBatsirai Shereni, 24, uLiberty Shereni, 44, kanye noNiobe Zhou, 37, bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngemuva kokuboshwa kwabo ehhotela eliseBruma.
Bonke abasolwa babhekene namacala okuphula uMthetho Wokulawulwa Kosizo Lwezempi Lwangaphandle, i-Regulation of Foreign Military Assistance Act 15 of 1998.
Icala elithinta abasolwa abahlanu abavele eKempton Park lihlehliselwe umhlaka-10 November, ukuze bathole ithuba lokuthola abameli.
Abasolwa abane abavele eGoli kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngomhlaka-12 November, nabo ukuze bathole ithuba lokuthola abameli.
Bonke abasolwa abayisishiyagalolunye basagqunywe ezitokisini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
