
Amaphoyisa aphenya isigameko sokuphanga kuhlonyiwe esenzeke esitolo sobucwebe esiseMgungundlovu ngemuva kokuthi abasolwa bekhombe ngezibhamu abasebenzi ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lwe-SUV emnyama.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, lesi sigameko senzeke ngeSonto ekuseni, ngesikhathi abasolwa bengena esitolo, bayalela abasebenzi ukuba balale phansi ngezisu base bephahliza amakhabethe anobucwebe phakathi.
Kubikwa ukuthi omunye wabasolwa wayehlome ngenhlokohlela yesibhamu, kanti omunye wayephethe isibhamu esincane.
Kusolwa ukuthi izigilamkhuba zontathu zebe ubucwebe ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lweMahinrda eyi-SUV emnyama endaweni yesigameko.
UNetshiunda uthe amaphoyisa aku-Alexandra Road aphenya icala lokubamba inkunzi indawo eyibhizinisi.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke kungakapheli nemizuzu emihlanu, kanti ofakazi bona bathi abasolwa bavimbele abantu ukungena enxanxathela yezitolo ngaphambi kokuyohlasela esitolo sobucwebe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
