
Amaphoyisa ophiko lwe-Public Order Police (POP) KwaZulu-Natal kudingeke ukuba asebenzise amandla ukuhlakaza iqulu labantu ababebamasha kuChe Guevara Road, eBerea ngoLwesibili ntambama.
Iqulu labantu, iningi lalo liphethe izikhali eziyingozi njengemshiza, kanti abanye bebezifihle ubuso ngama-mask nezinye izinto, besuka kumatende abahlala kuwo eduze namahhovisi oMnyango wezaseKhaya, eMbilo lapho abaqale khona imashi ngemuva kwezithuba zabo-15:00.
Amaphoyisa e-Public Order amise abamashi futhi abakhumbuza ngomyalelo wenkantolo wesikhashana obanqabela ukuba bamashe ngemuva kuka-15:00, ukuphatha izikhali eziyingozi nokuzifihla ubuso nezinye izinto ngesikhathi semashi. Ngesikhathi sezingxoxo, abamashi, ababengenabo abaholi ababalawulayo njengokusho komthetho, babenolaka bajikijela amaphoyisa ngamatshe.
Ukulawula isixuku nokubuyisela ukuthula emphakathini, amaphoyisa asebenzise ama-stun grenades nokudubula ngezinhlamvu zenjoloba. Amaphoyisa ayaqhubeka nokuqapha isimo. Ayikho imibiko yabathole ukulimala.
Ngemva kwezinxushunxushu, amaphoyisa aqale uphenyo mayelana nokuhlaselwa kwamaphoyisa nangokwephulwa komyalelo wenkantolo wesikhashana obekiwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
