
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uThamsanqa Ntuli wamukele izibalo zakamuva zemakethe yezabasebenzi ezikhishwe yiStatistics South Africa (Stats SA), ezibonisa ukuthi uMasipala waseThekwini uqophe ukwehla okukhulu kokungasebenzi minyaka yonke phakathi komasipala basemadolobheni baseNingizimu Afrika, njengoba kuvela njengomasipala kuphela obhalise ukwehla kwezinga lokungasebenzi unyaka nonyaka.
UNtuli uchaze izibalo zakamuva njengentuthuko enika ithemba esifundazweni saKwaZulu-Natal, ikakhulukazi uma kubhekwa ukubaluleka kweTheku njengesikhungo somnotho sesifundazwe, kanye nokuba ngesinye sezikhungo ezinkulu zezwe kwezohwebo, ezokukhiqiza, ezokuthutha nokusatshalaliswa kwempahla, ezokuvakasha kanye nokutshalwa kwezimali.
Ngokocwaningo lwezabasebenzi lwekota (Quarterly Labour Force Survey – QLFS) lwekota yesithathu ka-2026, oluhlanganisa isikhathi esisukela ngoJuly kuya kuSeptember, izinga elisemthethweni lokungasebenzi eThekwini lehle lisuka ku-27.8% ekota efanayo ngo-2025 lafika ku-22.2% kwikota yesithathu ka-2026. Lokhu kukhombisa intuthuko ebonakalayo engamaphesenti angu-5.6 ezinyangeni ezingu-12.
Isibalo sabantu abangasebenzi kulo masipala liphinde lehla lisuka cishe ku-464,000 lafika ku-363,000, okusho ukuthi kunciphe ngabantu abangu-101,000 abangasebenzi. Ngesikhathi esifanayo, isibalo sabantu abaqashiwe sikhule ngabantu abacishe babe ngu-66,000, safika ku-1.27 million.
Lo masipala uphinde waqopha ukukhula okungu-18.2% kwemisebenzi yomkhakha esemthethweni (formal sector), lapho kwengezwe khona imisebenzi ecishe ibengu-146,000 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
UNdunankulu uNtuli uthe lezi zibalo zimele intuthuko ebalulekile emizamweni yesifundazwe yokuvuselela umnotho, futhi zikhombisa ukubaluleka kwezinyathelo ezihleliwe ezihloselwe ukukhuthaza imisebenzi yezomnotho, ukuheha ukutshalwa kwezimali, kanye nokudala amathuba omsebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
