
Kulimale abantu abangu-26 kulandela ukugingqika kwebhasi emgaqweni u-N3 eduze kwase-New England Road eMgungundlovu ngoMsombuluko ekuseni.
Okhulumela abosizo lokuqala be-KwaZulu Private Ambulance Services, uCraig Botha, uthe izinsizakalo eziphuthumayo ziphuthume endaweni yesigameko kulandela ukuthola imibiko ngengozi eyenzeke kulo mgwaqo, lapho okutholakale khona ukuthi leli bhasi lilale amankeyane ngenxa yokuthi beselingasalawuleki.
UBotha uthe amathimba ezokwelapha ahlolisise abantu abebehamba ngebhasi, athola ukuthi kulimale abantu abangu-26, kukhona abalimele kakhulu kanye nabalimele kancane.
“Ngemuva kokubheka isimo sabo baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene ukuze bathole ukwelashwa okwengeziwe,” kusho yena.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uthe bathole umbiko ovela kwa-Road Traffic Inspectorate (RTI) cishe ngezithuba zabo-05:30 ekuseni mayelana nokuvalwa komgwaqo u-N3 eduze kwase-New England Road.
UDuma uthe abashayeli ababheke eThekwini bayelulekwa ukuthi basebenzise eminye imigwaqo edlula e-Hayfields noma e-Ashburton.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
