
Sekuvele amavideo e-CCTV akhombisa owayengumsebenzi wesitolo sakwa-Boxer edubula ebulale abaphathi besifazane abathathu ngesikhathi sokulalelwa kwecala lokuqondiswa kwezigwegwe esitolo saseShowe, KwaZulu-Natal.
Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwe-SouthAfrican Police Service -SAPS, umsolwa kuthiwa wadubula ngesikhathi kulalelwa lelo cala, wabulala abaphathi abathathu,; ophethe esitolo, ophethe ababhaki kanye nomabhalane endaweni yesigameko.
Imibiko ikhombisa ukuthi ukudubula kwenzeka ngemuva kokuba umsolwa etshelwe ngesinqumo sodaba lwakhe lokuqondiswa kwezigwegwe.
Kubikwa ukuthi lo msolwa akakatholakali, amaphoyisa asamthungatha.
I-Boxer Group ithe bonke abasebenzi bayo abathinteke kulesi sigameko bathola usizo lokwelulekwa ngokwengqondo, kantu futhi ezinkundleni zokuxhumana abasebenzi babonakala bebambene izandla bekhuleka.
Abakwa-Boxer bathi babuhlungu ngokwenzeke kubasebenzi babo, badlulisa namazwi enduduzo emndenini yabo kanti futhi basebenzisana namaphoyisa njengoba kuqhubeka uphenyo.


Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
