
I-South African Social Security Agency (SASSA) ibuyekeza izinsuku zokukhokhwa kwezibonelelo zomphakathi zenyanga kaNovember ngenxa yokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka-4 kuNovember 2026.
I-SASSA inxusa ukuthi abantu abahola izibonelelo bangethuki, yathi bonke abathola isibonelelo ngokufanelekile bazozithola izibonelelo zabo.
Esitatimendeni, i-SASSA ithe ngoMarch 2026 yamemezela uhlu lwezinsuku zokuholwa kwezibonelelo lonyaka wezimali ka-2026-27 ngemuva kokugunyazwa yi-National Treasury.
Ngaphansi kwalolu hlu lokuqala, isibonelelo sabantu abadala besihlelelwe ukuholwa ngomhlaka-3 November, kulandele isibonelelo sokukhubazeka ngomhlaka-4 kuNovember kanye nesibonelelo sezingane ngomhlaka-5 November.
NgoMay 2026, uMengameli uCyril Ramaphosa wamemezela ukuthi ukhetho lohulumeni basekhaya luzoba ngomhlaka-4 kuNovember.
Okhulumela i-South African Social Security Agency (SASSA), uPaseka Letsatsi, uthi inhlangano ilinde isinqumo esivela ku-National Treasury sokuthi ingabe kufanele yini kushintshwe izinsuku zokuholwa kwezibonelelo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
