
Ungqongqishe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal(Cooperative Governance and Traditional Affairs – Cogta), uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, idlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaShozi kulandela ukudlula emhlabeni kweNkosi Emmanuel Bhekuzalo Shozi (66), obehola imiKhandlu yeNdabuko yaseVumengazi neyase-Amanganga ngaphansi kwe-eThekwini Local House of Traditional and Khoi-San Leaders.
INkosi Shozi ikhothame ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside. UNgqongqoshe uButhelezi uthumele ithimba elikhethekile elizoseka umndeni ohanjelwe kulesi sikhathi esinzima.
UNgqongqoshe uchaze iNkosi Shozi njengomuntu owayehamba phambili ekuthuthukisweni komnotho ezindaweni ezisentshonalanga yeTheku, egcizelela iqhaza lakhe ekuheheni abatshali-zimali, ekudaleni amathuba emisebenzi kanye nasekukhuthazeni ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. INkosi uShozi wathatha izintambo zobuholi eneminyaka engu-21 ubudala kanti futhi wayengomunye wamakhosi asebenze isikhathi eside ngaphansi kwe-eThekwini Local House.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emkhandlwini wonke kanye nomphakathi jikelele ngalokhu kulahlekelwa okukhulukangaka,” kusho uNgqongqoshe uButhelezi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
