
Owesilisa usinde ngokulambisa kwilangabi ebelivutha emjondolo wamapulangwe (wendy house) abelele kuyo.
Lo wesilisa uvuswe ngumndeni wakhe, ku-Hurbans Road oThongathi, KwaZulu-Natal, ngoLwesibili ebusuku.
Abakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) baphuthume endaweni yesigameko kulandela ukuthola imibiko ngomlilo oshayo.
I-RUSA ithe ifiika yafica uMnyango weziCishamlilo, amaphoyisa akwaMasipala waseThekwini kanye namaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) sebekhona endaweni yesigameko.
Amaphoyisa atshelwe ukuthi lo wesilisa ubelele emjondolo wamapulangweni ongaphandle ngesikhathi umndeni wakhe usendlini enkulu.
Lo mndeni uthi ubone lo mjondolo uvutha Umlilo, babe sebememeza lo wesilisa, ophume ngesamagundane, wasinda.
Okwamanje izimo eziholele ekutheni lo mjondolo ushe azikaziwa.
Izithombe:


Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
