
I-Jacob Zuma Foundation icele iHhovisi likaMengameli noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda ukuthi baqinisekise ukuthi izinqubomgomo zikahulumeni eziphathelene nababekade bengabaholi bezwe ziyasetshenziswa ngokugcwele maqondana nowayenguMengameli uZuma.
Le nhlangano iveze ukukhathazeka ngodaba lokuvikeleka ekhaya lakhe, ithi akugcinwa ngendlela efanelekile.
Okhulumela le nhlangano, uMzwanele Manyi, uthi owayenguMengameli kufanele athole ukwesekwa okuhlinzekwe yinqubomgomo yeKhabhinethi.
“Kumele bakhombise ukunakekelwa okubonakalayo kowayenguMengameli uZuma. Futhi lokho kunakekelwa okubonakalayo okumele bakwenze kuyinto equkethwe yinqubomgomo yeKhabhinethi. Futhi okukodwa kwalokho wukugcinwa nokunakekelwa kwamakhaya ababekade bengabaholi bezwe. Lokhu bakwenzela bonke abanye ababengabaholi, ngaphandle kukaZuma. Angazi ukuthi kuyini lokhu, mhlawumbe wukuziphindiselela kuZuma. Abayinakekeli iNkandla.”
Nakuba kunjalo, uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uDean Macpherson, uziphikile izinsolo zokuthi umnyango uyahluleka ukunakekela ingqalasizinda yezokuphepha eNkandla.
UMacpherson uthi umnyango awukwazi ukuhlinzeka ngezinsizakalo ezingaphandle kwamandla awo ngokomthetho maqondana nezinhlelo zokuphepha zabaholi bakudala bezwe.
“Thina, njengoMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi, sinakekela ingqalasizinda yezokuphepha yabo bonke ababekade bengabaholi bezwe. Yilokho abanelungelo lakho, futhi yilokho esikwenzayo. Lokhu okufunwa uManyi wukuthi senze okungaphezu kwalokho. Ufuna sinakekele indlu yomuntu ngamunye. Lokho akuvumelekile ngokomthetho. INkantolo yoMthethosisekelo isivele yakhipha isinqumo ngalokho kanjalo noMvikeli woMphakathi naye usevele wakhipha isinqumo ngalokho.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
