
Kumenyezelwe ukuthi uPope Leo uzongeniswa esibhedlela ngoLwesibili ukuze ahlinzwe, kususwa isimila esincane esitholakale kwelinye lamaphaphu akhe.
UPope Leo, oneminyaka engu-71 ubudala, uthe ngeSonto lesi simila, okuyiqhubu elincane, elitholakale ngesikhathi ehlolwa isimo sempiloyakhe kamuva, kanti litholakale lisaselincane futhi lingakakhulu.
Usuku lokuhlizwa kukaPope Leo aludalulwanga.
Ukuhlinzwa kuzokwenziwa esibhedlela i-Agostino Gemelli Polyclinic, eRome.
UPope uthe odokotela bakhe bameluleke ngokuba ahlinzwe ngakho uzolandela izeluleko zabo, njengoba ukuhlinzwa kuhlelelwe izinsuku ezizayo.
UPapa uLeo ubonge wonke umuntu ngokuba naye ngokomoya kulesi ssikhathi.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
