
I-Democratic Alliance (DA) eThekwini ihambele izindawo ezahlukene zabantu abakhahlanyezwa yizikhukhula eminyakeni engaphezu kwemine kwahlasela izikhukhula.
Lolu hambo luyingxenye yokuhlola okuqhubekayo kwe-DA ngokulethwa kwezindlu eThekwini iphinde igxile ezimweni ezibandakanya izakhamuzi ezathinteka ngesikhathi sezikhukhula nangezinkinga zezindlu ezingakaxazululwa.
USotswebhu wezokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda we-DA eThekwini, uKhansela uZamani Khuzwayo, nguye ohole lolu hambo lokuhlola izimo zokuphila zalezi zakhamuzi ngokuxhumana ngqo nazo, aphinde aqinsekise izimo zezindlu zazo.
I-DA ihambele eMlazi esigcemeni sakwa-G ku-ward 7 lapho efice khona owesifazane ozithwele, uJabulile Ntuli, ohlala emzini ongekho esimeni sokuhlala abantu njengoba lo muzi usesimeni sokuthi ungadilika noma kunini, ikakhulukazi njengoba sekuyisikhathi sezimvula.
Lo muzi owakhiwa ngonyaka ka-2014 wahlaselwa yizikhukhula zonyaka ka-2017 kanti kuze kube yimanje abahlala kuwo abalutholi usizo.
Leli qembu lihambele nasendaweni yaseClermont ku-ward 19 lapho owesifazane ogama lakhe nguNtombifikile Sduduzile Khuzwayo, oneminyaka engu-60 ubudala ohlala yedwa emjondolo owodwa nongakaze aluthole usizo kusukela ahlaselwa yizikhukhula zango-2022 naye uthi usizo akakaze aluthole kusukela ngaleso sikhathi.
I-DA iphinde yalalela udaba lowesilisa, uBhekani Sosibo, endaweni yaseGomora Bottle Brush, eChatsworth ku-ward 71 okhala ngomhxaso okuthiwa wawuthola, ekubeni akakaze awuthole, waze wazakhela ngemali yakhe indlu ahlala kuyo nomndeni wakhe.
USosibo uthi useyihambe cishe yonke iminyango ekhuluma udaba lwalo mxhaso eyayakhiwa ngonyaka ka-2011 kodwa lutho ukuthola usizo.
Endaweni yaseHammarsdale ku-ward 91 iqembu le-DA lifice owesilisa, ohlala nomndeni wakhe okubalwa nengane yentombazane, uMvelo Ngubo, ophila ngokukhubazeka eneminyaka engu-19 ubudala engakaze ikhulume noma izihambele ngezinyawo zayo.
Umndeni wakwaNgubo eHammrsdale ukhala ngesimo ohlala ngaphansi kwaso nesiyingozi njengoba uthi kusukela ngezikhukhula zangonyaka ka-2022 abakaze baluthola usizo kanti futhi ngaphansi kwamanye amagumbi omuzi kunemigodi edalwa yipayipi elihamba ngaphansi elinqamula phakathi kwemizi eselilimaze imizi emine okubalwa nabahlala kuwo.
IZITHOMBE:







































Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
