
Izigebengu zebe amabhodlela ewayini angu-30,000 emali elinganiselwa ku-R92 million (€5 million) eMarchesi Antinori, okuyindawo yomndeni ohlonishwa kakhulu okhiqiza iwayini eTuscany, e-Italy.
Kuthiwa amadoda ayisikhombisa abezifihle ubuso angene kule ndawo acisha ama-alamu namakhamera ngaphambi kokusebenzisa imishini yenkampani okungama-forklift ukuqubula nokulayisha amawayini abizayo emalolini amabili amakhulu.
Kulama wayini kubalwa; iTignanello, iSolaia kanye neGuado al Tasso.
ISikhulu esiphezulu senkampani yokwenza iwayini, uRenzo Cotarella, sichaze lesi sigameko njengesigameko esikhulu sokwebiwa kwempahla e-Italy.
“La mabhodlela avame ukuthengiswa phakathi kuka-R2 771.51no-R9 238.35 ngalinye, okuphakamisa ukuthi lezi zigebengu kungenzeka ukuthi zingochwepheshe bewayini futhi ezinolwazi lwangaphakathi ngaleli bhizinisi.”
Ukwebiwa kwala mawayini kutholakale ngoMsombuluko ekuseni, ngesikhathi sekufika abasebenzi kanti inkampani inethemba lokuthi amakhamera okuqapha emigwaqweni yaseTuscan azosiza iziphathimandla ukulandelela lobu bugebengu.
Akukaboshwa muntu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
