
Njengoba namuhla kuqala izivivinyo zokuphela konyaka zikaMatric ezweni, kulindeleke ukuba lezi zivivinyo zibhalwe ngabafundi abangu-203 815 ababhalisele ukubhala izivivinyo ze-National Senior Certificate zango-2026; kulabafundi, bangu-188 102 abafunda ngokugcwele kanti bangu-15 713 angafunda ngokugcwele.
UMnyango wezeMfundi KwaZulu-Natal uthi lokhu kukhombisa ukwanda kwabafundi abangu-7 916, noma cishe u-4%, uma kuqhathaniswa nabafundi abangu-195 899 ababhalisa ngonyaka ka-2025.
UMnyango wenze izinhlelo ezizokuqinisekisa ukuthi izivivinyo ziqhutshwa ngendlela efanelekile kuso sonke isifundazwe. Kuqeqeshwe abaqaphi bezivivinyo abalinganiselwa ku-31 156 ukuze baqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle ezikhungweni zezivivinyo ezilinganiselwa ku-1 766.
Lo mnyango uthi ngokwezinhlelo usuvele usezinhlelweni zokulungiselela isigaba sokumakwa kwamaphepha ezivivinyo zikaMatric njengoba kuzoqashwa ithimba labantu abangu-12 386 abazomaka.
Izincwadi zokuqashwa kwabazomaka amaphepha zizokhishwa ngomhlaka-16 ku-October 2026 noma ngaphambi kwalolo suku.
Isikhathi sokumaka sizoqala ngomhlaka-2 kuDecember 2026 siphothulwe ngomhlaka-11 kuwo uDecember 2026.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uhlelelwe ukumemezela imiphumela kazwelonke ye-NSC yango-2026 ngomhlaka-11 kuJanuary 2027, kanti isimemezelo sesifundazwe saKwaZulu-Natali sihlelelwe umhlaka-12 January 2027.
Khonamanjalo, izikole zikahulumeni zilungiselela izivivinyo zazo zika-Grade 4 kuya ku-Grade 11. Lezi zivivinyo zizoqala ngomhlaka-21 ku-October 2026 ziphele ngomhlaka-14 kuNovember 2026.
UNgqongqoshe uSipho Hlomuka unxusa abazali, abanakekeli kanye nemiphakathi ukuthi iqhubeke nomsebenzi omuhle abawenzile kuze kube yimanje kwazise, lesi yisikhathi esibaluleke kakhulu ezimpilweni zabantu abasha.
“Njengabazali, kumele siqinisekise ukuthi siyabasekele futhi kumele senze konke okusemandleni ethu ukuhlinzeka abafundi ngendawo ebanika ukwesekwa, lapho bengafunda khona, balungiselele futhi baphumule ngokwanele.”
Izivivinyo zikaMatric ziyaqala namuhla (13 October 2026).
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
