
Owayengumengameli uJacob Zuma ungeniswe esibhedlela eMgungundlovu ukuze ayohlolwa impilo njengokujwayelekile.
Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) lithi uZuma uhlolwa isimi sempilo yakhe kabili ngonyaka, kanti futhi lifuna ukuqinisekisa abalandeli ngesimo sakhe.
“Uphila njengosheleni futhi usesimweni esihle sengqondo. Umkhankaso wakhe usazoqhubeka ngoLwesihlanu njengoba kuhleliwe,” kusho iqembu.
“Ukungeniswa kwakhe esibhedlela kuhambisana nokuhlolwa kwakhe esimeni sempilo njengokujwayelekile.”
Isitatimende:

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
