
Sekuqinisekiswe ukudlula emhlabeni kwamadoda ayishumi engozini enkulu yetekisi ku-MR385 eCato Ridge uma uqeda ukuphuma eHillcrest namuhla.
Ngaphambilini bekubikwe ukuthi kushone abantu abayisishiyagalombili kule ngozi.
Okhulumela abosizo lokuala i-ALS Paramedics, uGarrith Jamieson, uthe abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko kulandela imibiko yetekisi eliphume emgaqweni layoshayisana nesihlahla.
UJamieson, uthe kubikwe ukuthi kukhona abantu abaningi abashonile endaweni yesigameko, kanti abanye abaningi balimele.
“Kwengezwe amanye ama-ambulensi akwa-ALS Paramedics nochwepheshe bezokwelapha abaqeqeshelwe ukunikeza usizo oluphuthumayo olusezingeni eliphezulu (Advanced Life Support), endaweni yesigameko ukuyosiza abalimele.
IZITHOMBE:






Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
