
Abalandeli bebhola eThekwini bangalindela umuzwa omnandi ngosuku lomdlalo njengoba iDolobha lihlela indawo yokubukela yomphakathi (PVA) e-Bay of Plenty ngomdlalo wamanqamu we-MTN8 ka-2026 ngoMgqibelo, womhlaka-10 October 2026.
Kulo mdlalo wamanqamu kuzobhekana i-Orlando Pirates ne-Mamelodi Sundowns, kanti i-PVA izonikeza abalandeli ithuba lokuhlangana bajabulele umdlalo endaweni enomdlandla nefanele imindeni. Ukungena kule ndawo (Public Viewing Area – PVA) kuzoba mahhala, futhi kuzoba nokuzijabulisa okubukhoma usuku lonke.
Indawo kulindeleke ukuthi yamukele ababukeli abayisibalo esifinyelela ku-5 000, kanti amasango azovulwa ngo-12:00 ngaphambi kokuqala komdlalo ngo-18:00.
Le ndawo ihlelelwe ukuvalwa ngo-22:00.
Ezokuzijabulisa zizoba yingxenye ebalulekile yohlelo losuku lomdlalo, lapho kuzonandisa khona abaculi abahlukene kanjalo no-DJ okubalwa kubo u-DJ Happygal, uDJ Cyndo, uDJ Q, Feza, uJumbo, uCebza, no-Ntencane.
UMqondisi wezeMidlalo yezoHwebo uDkt. Zakhi Mkhize uthe: “Umdlalo wamanqamu we-MTN8 ngumcimbi ojabulisayo kubalandeli bebhola, futhi sifuna abalandeli bathole ithuba lokuzwa umdlandla nenjabulo yalo mcimbi omkhulu wezemidlalo endaweni ephephile neyamukelayo.
” I-PVA e-Bay of Plenty izonikeza abalandeli ithuba lokuhlangana, bajabulele umdlalo, futhi babuke abaculi bukhoma endaweni enomdlandla.”
Abalandeli abazoya kule ndawo (PVA) bayakhuthazwa ukuthi bafike kusenesikhathi, balandele imiyalelo yezikhulu zomcimbi kanye nabasebenzi bezokuphepha, fbaphinde babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu ubanesikhathi esimnandi nesiphephile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
