
Namuhla, kuqinisekiswe ukuthi i-India, iQatar neNingizimu Afrika ziphakathi kwamazwe ayisikhombisa anentshisekelo yokusingatha imidlalo yama-Summer Olympics 2036.
Amazwe asohlwini olukhishwe yi-International Olympic Committee (IOC); kubalwa iGermany, iHungary, iTurkey neSouth Korea.
Amanye amazwe anikwe umnqalamjuqi wangomhlaka-31 October 2026 ukuba azwakalise intshisekelo yawo.
NgoMarch 2027, iBhodi eliPhezulu le-IOC lizokwenza uhlu olufushane lwamazwe anentshisekelo, bese eqala izingxoxo nenhlangano yama-Olympics
I-IOC ithe abasingathi bemidlalo yango-2036 bazohlolwa ngokusekelwe ezintweni ezifana nezezimali kanye nokwesekwa kwezepolitiki nokomphakathi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
