
INkantolo yesiFunda yaseMzimkhulu osukwini lwangomhlaka-30 September 2026 igixabeze uTenes Hassan ngodilikajele abayisithupha ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula abantu besifazane abayisithupha phakathi kuka-January no-December 2022 eMzimkhulu.
Kuwo wonke amacala okudlwengula, uHassan, oneminyaka engu-33 ubudala, wayengena emzini okwakuhlala kuyo abesifazane bodwa noma nezingane zabo, ebafune amaselula nemali ngaphambi kokubadlwengula.
UHassan kubikwa ukuthi wayehlasela kule mizi ngezithuba zabo-02:00 nango-03:00 ezintatha kusa.
Abaphenyi bophiko lwamapheoyisa i-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) Unit eKokstad baqoqa ubufakazi bakwazi ukuyamanisa uHassan nawo wonke amacala okudlwengula ngokusebenzisa ubufakazi bolibofuzo, phecelezi i-DNA.
Inkantolo iphinde yagweba uHassan eminye iminyaka eyisishiyagalombili ejele ngecala lokugqekeza kanti igama lakhe lizofakwa ohlwini lukazwelonke lwabantu abenze amacala ocansi.
Khonamanjalo, kwesinye isigameko amaphoyisa aseKokstadophiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) Unit luqinisekise ukuthi kuphinde kukhishwe omunye udilikajele endodeni eneminyaka engu-45 ubudala, eyadlwengula umshana wayo oneminyaka engu-5 ubudala endaweni engaphansi kwesiteshi samaphoyisa sase-Gowan Lea ngomhlaka-28 December 2025.
Kubikwa ukuthi ngalolo suku, ingane yayidlala endlini yakwamakhelwane ngesikhathi umalume wayo eyibizela endlini yakhe. Umfowabo wesisulu wangena naye endlini kodwa umalume wamxosha wabe esedlwengula ingane.
Lesi sigwebo naso sakhishwa yiNkantolo yesiFunda yaseMzimkhulu.
INkantolo yesiFunda yaseMzimkhulu, yaphinde yakhipha isigwebo sokuboshwa iminyaka engu-20 entombazaneni eneminyaka engu-19 ubudala, eyatholakala inecala lokudlwengula umakhelwane wayo oneminyaka engu-9 ubudala endaweni yase-Ibisi.
Le ntokazi yabizela le ngane ekamelweni layo, yabe isitshela le mgane ukuba ikhumule izimpahla eyayizigqokile yabe isiyidlwengula isebenzisa iminwe yayo.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, amagama abo bonke abantu abalahlwe yicala lokudlwengula azofakwa ohlwini lukazwelonke lwabantu abenze amacala ocansi (National Register of Sexual Offenders).
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
