
UMnyango wezeMfundo waKwaZulu-Natali uqaphele ngokukhathazeka ukusakazwa kwenkulumo eqoshiwe ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ezahlukahlukene, emayelana nokuhlinzeka ngemininingwane yethenda ehilela elibandakanya ukuthuthwa kwabafundi bothisha besuka emahhovisi ezifunda beya ezikoleni ezahlukene esifundazweni.
UMnyango uyaziqhelelanisa nale nkulumo eqoshiwe kanti futhi weluleka amalungu omphakathi ukuthi imininingwane ekulenkulumo ayisilo iqiniso nokuthi ayihlanganise lutho noMnyango wezeMfundo waKwaZulu-Natali.
I-HOD yezeMfundo, uNkosinathi Ngcobo uxwayisa amalungu omphakathi, abahlinzeki bezinsizakalo abazoba khona kanye nabo bonke abanye abathintekayo ngokuzibandakanya nabantu noma izinhlangano ezenza izethulo ngokusekelwe kule nkulumo eqoshiwe.
“UMnyango awukazikhiphi izimemezelo ezikule nkulumo eqoshiwe kanti futhi awusekeli noma yiziphi izimangalo noma imininingwane emayelana nethenda ezungezayo. Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuba aqaphele kakhulu futhi anganikezi muntu imininingwano yabo, angenzi zinkokhelo noma angene kunoma yiziphi izivumelwano nabantu abathi basebenzela uMnyango ngokusekelwe kule nkulumo engamampunge,” kusho i-HOD Nkosinathi Ngcobo.
UMnyango uphinde wagcizelela ukuthi yonke inqubo yokuthenga esemthethweni yenziwa ngezinqubo zokuthenga zikahulumeni ezinqunyiwe nezisemthethweni. Noma yiliphi ithuba lokuthola ithenda noma lokuthenga elihlobene noMnyango lizobikwa ngendlela efanelekile negunyaziwe.
UMnyango uzothatha izinyathelo ezifanele ngalolu daba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
