
UMeya waseThekwini, uCyril Xaba usamukele phezulu isinqumo sePremier Soccer League (PSL) sokusingatha umdlalo wokugcina we-MTN8 ka-2026 phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo, mhla ziyi-10 kuMfumfu 2026.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eMoses Mabhida Stadium, uMeya uXaba uthe lesi sinqumo sibonisa umlando wale ndawo wokusingatha imidlalo emikhulu yebhola kanye nomnikelo wayo ukuze iTheku libeyindawo yemicimbi emikhulu yezemidlalo.
“IDolobha likulungele ukusingatha umdlalo wokugcina we-MTN8 ka-2026 eMoses Mabhida Stadium. Sisebenzisana ne-PSL, abaphathi benkundla, abomthetho, abezimo eziphuthumayo kanye nabanye abathintekayo abafanele ukuqinisekisa ukuthi amalungiselelo adingekayo akhona ngosuku lomdlalo,” kusho uMeya uXaba.
Uthe umdlalo wokugcina kulindeleke ukuthi udonse abalandeli nezivakashi ezivela ezweni lonke, udale amathuba kumabhizinisi endawo, abahwebi, ama-SMME, izikhungo zokungenisa izihambi, abaqhubi bezokuthutha kanye nabasebenzi.
UMeya uXaba uphinde wagqamisa amathuba abanzi ezokuvakasha kanye nezomnotho ahlobene nokusingatha imicimbi emikhulu yezemidlalo, ephawula ukuthi izivakashi zizoba nethuba lokubona izindawo zokuvakasha zaseThekwini, amabhishi, izindawo zokudlela kanye neminikelo yokungenisa izihambi.
“Inkundla yezemidlalo iMoses Mabhida ingaphezu nje kwenkundla yezemidlalo. Iyindawo ebalulekile esibe yingxenye yeDolobha kanye nendawo eqhubeka nokudonsela imicimbi emikhulu yezemidlalo eThekwini. Sibheke phambili kowamanqamu ozojabulisayo ngomhlaka-10 Okthoba kanye nokwamukela abalandeli bebhola eDolobheni lethu,” kusho uMeya uXaba.
UMeya ukhuthaze abalandeli abaya eThekwini kowamanqamu ukuthi bahlele uhambo lwabo kusenesikhathi, basebenzise izithuthi zomphakathi lapho kungenzeka khona, futhi balandele imiyalelo yezikhulu ukuqinisekisa ukuthi umdlalo uphephile futhi uyajabulisa ngosuku lomdlalo.
“UMasipala uyaqhubeka nokusebenzisana ne-PSL, abaphathi benkundla kanye nababambiqhaza abafanele ukuqinisekisa ukuthi amalungiselelo okusebenza ahleliwe futhi ayakwazi ukubhekana nokufika kwenqwaba yabalandeli nezivakashi okulindelekile.” kusho iMeya uXaba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
