
Isiphepho uPolo sishaye isifundazwe saseMexico iBaja California Sur ngemimoya enamandla ohambisana nemvula ngesikhathi sifika ogwini ekuseni ngoLwesibili, sashiya izindawo zasogwini zigcwele amanzi nezihlahla ziwile emigwaqweni kwezinye izindawo.
Lesi siphepho esisezingeni lesi-2 (Category 2) sishaye iningizimu yeLas Barrancas, eMexico, cishe amakhilomitha ayi-130 enyakatho neCabo San Lazaro kanye nangu–115 eningizimu yeMulege, futhi enomoya onamandla ofinyelela ku-175 kph, ngenkathi siqhubeka siya enyakatho-mpumalanga ngejubane elingu-20 kph, kusho i-U.S. National Hurricane Center eMiami.
Iziphathimandla zaseMexico zibike ukuthi isvunguvungu, uPolo awushiyanga monakalo omkhulu. Cishe abantu abangama-700 bahlale ezindaweni zokukhosela ngoLwesibili kodwa bekulindeleke ukuthi babuyele emakhaya abo, kusho iziphathimandla zikahulumeni omkhulu.
Umbusi waseBaja California Sur uVíctor Castro uthe ngesikhathi somhlangano wabezindaba kamongameli ukuthi ukudlula kwalesi siphepho “kusilethele imvula, kodwa akukho ukuphila okulahlekile.”
Ngehora lesi-8 ekuseni ngesikhathi sendawo, uPolo uqhubeka waya enyakatho-mpumalanga ngejubane elicishe libe ngu-28 kph, unemimoya enamandla afinyelela ku-120 kph njengesiphepho esisezingeni loku-1 (Category 1), kusho isikhungo. Uhulumeni waseMexico ukhiphe izixwayiso eziningana zesiphepho esinamandla (tropical storm) ogwini.
Isikhungo seziphepho sithe uPolo uwela iGulf of California ngaphambi kokungena ezweni futhi bekulindeleke ukuthi ulethe imvula engama-intshi ayi-6 kuya kwayi-12 (cishe ama-centimeter ayi-15 kuya kwangama-30) ezingxenyeni zaseBaja California Sur.
Ababikezeli bezulu bebeshilo ukuthi uPolo uzoshaya izwe laseMexico ngemimoya ebeka ukuphila engozini kanye nezikhukhula ezingazelelwe, ezingxenyeni eziseningizimu-ntshonalanga ye-U.S. kamuva kuleli sonto.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
