
Umphathi wamatekisi uJoe “Ferrari” Sibanyoni utshele iKhomishini kwaMadlanga ukuthi uma kwenzeka eboshwa, uzosola umholi wethimba elethula ubufakazi, uMathew Chaskalson. Kubonakala sengathi uSibanyoni uthukutheliswe wukubuzwa imibuzo njalo nguChaskalson, obemhlaba ngemibuzo enzima, nagcine ethi ingase igcine imfake ejele.
“Kungani sihlezi lapha kulolu daba kanti kunemantshi ezolubhekana nalo? UMnu. Matthew Chaskalson ngeke abe yimantshi yalolo daba enkantolo; ngiyayazi imantshi ebhekene nalolu daba.” – Kusho umphathi wamatekisi uJoe “Ferrari” Sibanyoni.
“Uma ngitholakala nginecala, ngizosola uMnu. Chaskalson ngoba uNtuli nenkantolo bayayilalela le khomishini, kanti thina silapha eKhomishini yakwaMadlanga ukuzosiza nje; kodwa yena uyangihlola.” – Joe “Ferrari” Sibanyoni.
Umphathi wamatekisi waseMpumalanga uMadoda Johannes Sibanyoni, owaziwa kakhulu ngoJoe “Ferrari” Sibanyoni, njengamanje uyafakaza futhi ubhekene nokuphenywa okunzulu eKhomishini yoPhenyo iMadlanga mayelana nezinsolo zokukhwabanisa ngokusongela, amaqembu obugebengu obuhleliwe, kanye nokuphazanyiswa kokusebenza kwamaphoyisa.
Le khomishini, yasungulwa uMongameli Cyril Ramaphosa, iholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga, kanti inikezwe umsebenzi wokuphenya izinsolo zobugebengu obugxile kakhulu, inkohlakalo, kanye nokugxambukela kwezepolitiki ohlelweni lwezobulungiswa bezobugebengu kanye nezinhlaka zokuphoqelela umthetho eNingizimu Afrika. Lekhomishini yasungulwa ngemuva kokuba uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ebambe isithangami sabezindaba wadalula ukuthi izwe seliphethwe izigebengu ezemuka nalo uthuli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
