
Ngu: Alfred Ngubane |
Ujokhi owaziwayo uSmanga Khumalo utholwe necala emacaleni amathathu enkohlakalo abesolelwa ngawo. Kube nokushaqeka nokushukuma kwesimo emkhakheni wezemidlalo wamahhashi, okudalwe wukutholwa necala kukaKhumalo, emva kophenyo obelenziwa ngabophiko olubhekele ubuqotho kulo mdlalo iNational Horseracing Authority (NHA).
Lokhu kuvele ngenkathi ibhodi ebeliphenya uKhumalo, malungana namacala abandakanya ukuphula umthetho wendlela yokwenza izinto kulo mdlalo, limthole enecala lenkohlakalo, ukugwazisa nokwephula umthetho wendlela okwenziwa ngayo. UKhumalo waKwaMashu, eThekwini, futhi oseke wadla umhlanganiso womqhudelwano omkhulu womjaho wamahhashi iDurban July, ubebhekene nala macala amathathu okuthiwa wawenza phakathi kuka-Okthoba wanyakenye kuya kuFebhuwari nonyaka.
Icala lokuqala belibandakanya ukwedlulisa ulwazi oluyimfihlo lomjaho othile, okuvele ukuthi uKhumalo wanikezela ngemininingwane yamacebo omjaho neyendlela okuvame ukwenza ngayo ihhashi ebambisene noNoor Iqbal, okusolwa ukuthi ubemdibimunye naye kulokhu. Leyo mininingwane kuvele ukuthi yakhishwa ngenhloso yokuthi kubhejwe ngayo futhi kungahlonishwa izingabunjalo lomjaho wamahhashi, kanti uKhumalo ulivumile lelo cala.Icala lesibili elibandakanya ukugwazisa ngemali ngenhloso yokunikezelana ngolwazi oluthile obelumayelana nokusuke kulindeleke ukuthi kwenzeke emjahweni.
Ibhodi lithole ukuthi uKhumalo wafunjathiswa imali elinganiselwa ku-R128 000, nalokho akuvumile ngokwakhe.Icala lesithathu nokuyilona elibucayi elibandakanya ukupheka imiphumela yemidlalo, okuvele ukuthi uKhumalo wazihlulekisa ngamabomu kuyona ngenhloso yokuthi kunqobe ojokhi abathile. Nakuba ekuphikile lokho, kodwa ibhodi lithole ubufakazi bokuthi unecala.
Umbiko wophenyo uveze ukuthi kumanje kucutshungulwa isigwebo okumele asithole ngala macala, nokulindeleke ukuthi kuqhutshekwe nakho maduze. Ngakolunye uhlangothi, omunye futhi ujokhi uLuyolo Mxothwa ugwetshwe ukuthi amiswe iminyaka emihlanu engazibandakanyi kulo mdlalo emva kokuphenywa naye ngabe-NHA, okuphothulwe ngoMeyi 14.Imvume yakhe yokuzibandakanya kulo mdlalo ihoxisiwe, yize iminyaka emithathu yesigwebo sakhe ilengisiwe ngombandela wokuthi lokho kusengaguqulwa.
Emibandeleni abekelwe yona uMxothwa, kubandakanya ukuthi anikezele ngemininingwane ephelele yakho konke akwaziyo kokuphulwa kwemithetho yomjaho wamahhashi, kubalwa nobekuxoxwa nabahlela intengo nezindlela zokubheja, abantu ababhejayo nalabo okuvela ukuthi bayathinteka ekubhejeni ngokungemthetho.
Kudingeka nokuthi ahambise incwadi efungelwe eqinisekisa ukuthi alusekho olunye ulwazi alufihlile, bese ehambisa nencwadi yokuxolisa kwiNHA kungakapheli izinsuku eziwu-30, nokuthi kuzodingeka ukuthi azibandakanye ezinhlelweni zokuqinisekisa ukugcinwa komthetho walo mdlalo. Ngaphezu kwalokho, kudingeka ukuthi akhokhe imali yezindleko zophenyo eziwu-R50 000 zingakapheli izinyanga eziwu-24.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
