
Ngu: Minenhle Mpembe |
Amalungu eDA abhikishele isiphakamiso sokwenyuswa kwentengo yezidingo e-ICC eThekwini ngoLwesihlanu. Umholi waleli qembu eThekwini uThabani Mthethwa uthe abahambisani nesiphakamiso se-ANC sokuthi kwenyuswe intengo yezidungo.
UMthethwa uthe bazonxusa namanye amaqembu ukuthi angaseseki lesi siphakamiso. UVukani Gumede, ohlala e-Verelum uthe akahambisani nokunyuka kwenyuka kwentengo ngoba iningi labantu alisebenzi.
“Abantu bagcina sebekweleta ugesi namanzi bagcine sebenenkinga nomasipala. Amanzi okuthiwa sikhushulelwa izindleko zayo asiwatholi ngoba siphuza amanzi ako-JoJo angahlanzekile,” kusho uGumede.
Ubuholu be-DA buthe lolu daba bazolifaka enkantolo uma lesi siphakamiso siqhubeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
