Ugwetshwe iminyaka ewu-25 owabulala owesifazane

INkantolo eNkulu eMgungundlovu KwaZulu-Natal , igwebe uSanele Gumede (30) iminyaka ewu-25 ejele emuva kokuthi ehlambulukile wavuma icala ngokuka-section 105A of the Criminal Procedure Act 51 of 1997. UGumede uhlambulukile wavuma icala lokubamba inkunzi nokubulala intombi yakhe ngoJuly 2025 eMlazi.

Umbuso ngesikhathi kuxoxiswana ubheke ukuthi uGumede uyaqala ukulahlwa yicala futhi ukhombise ukuzisola futhi ushwelezile wacela uxolo emndenini kamufi.UGumede nomufi babethandana kodwa babehlala bexabana. Ngo-20 July 2025, uGumede wayeseMlazi ephuza nomngani wakhe ngesikhathi umufi ekwesinye isigceme eMlazi endaweni ewasha izimoto.

Babelokhu bexhumana, umufi wathumela uGumede ikheli lendawo ayekuyo ukuze bahlangane. UGumede waya eyohlangana nomufi wamfica enomlisa thizeni angamazi. Ngesikhathi kufika uGumede lo mlisa wasuka wahamba.UGumede wangena emotweni wahlala esihlalweni somshayeli, umufi wahlala eceleni base beya kubo kaGumede.

Bafika ekhaya bahlala base behamba ngemoto kamufi. Ntambama baxabana uGumede esola umufi ngokujola. Kuthe besaxabana kanjalo emotweni, uGumede wahosha isibhamu wadubula umufi entanyeni nasesiswini washona.Washaya imoto yaya emobeni eMid- Illovo wafika walaxaza imoto khona washiya nesidumbu khona lapho.

UGumede wathatha iselula kamufi wafonela umuntu thizeni ukuthi amlande. Kuthe emuva kwezinyanga amaphoyisa afonela uGumede amcela ukuthi azihambise kuwona. Wenza njengoba kushiwo wazihambisa emaphoyiseni.Udaba selusenkantolo, u-Advocate Lindokuhle Gumede wethule isitatimende samalungu omndeni kamufi abasibhale beluswe wuMbalenhle Valencia Komane oyi-Court Preparation Officer.

Esitatimendeni amalungu omndeni athe ahlukumezeke kakhulu ngokulahlekelwa wumufi. Bamchaze njengomuntu woxolo obethanda ukuthula nobumbano.UGumede ugwetshwe iminyaka ewu-25 ngecala lokubulala, iminyaka ewu-10 ngokubamba inkunzi ngesihluku.

Inkantolo ithe izigwebo uzozidonsa kanyekanye nokuchaza iminyaka ewu-25Ukuqeda isihlava sodlame lobulili kuseqhulwini kithina siyi-NPA. Ngokubambisana nezinye izinhlaka sizimisele ukuqinisekisa ukuthi abagila imikhuba bayajeziswa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *