
ISouth African Football Association ibambe umhlangano wayo we-34th Ordinary Congress ngoSonto, 24 Meyi 2026, eBirchwood Hotel & Conference Centre eMpumalanga yeJohannesburg. Lo mhlangano ube yisiqongo seveki ebimatasa, eyaqala nge-NEC Meeting ngolwesihlanu, yalandelwa yi-Constitutional Congress ngomgqibelo.
Umhlangano ube nawo ama-delegate avela kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika. Kube khona nabamele iFIFA neCOSAFA, okuhlanganisa uNgqongqoshe Wezemidlalo uGayton McKenzie, uMongameli omusha weCOSAFA uTariq Babitseng, kanye noDavid Fani weFIFA Southern Africa.
IKwaZulu-Natal beyimelwe ngu Kwenzakwakhe Ngwenya ,Welcome Mpanza ,Siphamandla Madondo ,Zama Buthelezi ,Mazwi Mkhize ,Abaqeqeshi bamaqembu esizwe nabo babe khona. Phakathi kwabo bekukhona uHugo Broos umqeqeshi weBafana Bafana, uDr Desiree Ellis umqeqeshi weBanyana Banyana, Ntombifuthi Khumalo umqeqeshi waBantwana kanye nabanye abaqeqeshi bamathimba kazwelonke.
Into enkulu eyejabulise amalungu kube ukwethulwa kwesitatimende sezimali esihlolwe ngabacwaningi mabhuku. I-SAFA ithole unqualified audit iminyaka engama-32 ilandelana kusukela ngo-1994. Lokhu kukhombisa ukuthi inhlangano isaphatha kahle izimali zayo.
UMongameli we-SAFA, uDr Danny Jordaan, uthe ujabule ukubona abaqeqeshi nabadlali e-U17 enza umsebenzi omkhulu . Uthe lokhu kubonisa ubumbano phakathi kwe-SAFA namathimba ayo.Lo mhlangano uphele ngokuthi amalungu avume yonke imibiko eye yethulwa, futhi athembise ukuqhubeka nokusebenzela ukuthuthukisa ibhola laseNingizimu Afrika.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
