Kusukela ebuhlungwini kuya enkazimulweni kwiMamelodi Sundowns.

Ibhola ngezinye izikhathi libuhlungu. eminyakeni eyisithupha edlule, i-Mamelodi Sundowns yayihlala ingqongqoza emnyango we-CAF Champions League. Iyayidlala kahle, iyahamba izwekazi lonke, iyafika kuma-semi, kuma-final, kodwa umqhele ubuhlale ungafinyeleleki.

Uhambo olungazange luyekwe Kapteni u-Ronwen Williams akazange afihle ubunzima ngemuva kokuwina.Sikufanele. Lokhu esikudlule kukho hhayi kuphela kulo nyaka, kodwa eminyakeni emihlanu kuya kweyisithupha esidlule, siqhubeka nokungqongqoza emnyango njalo ngesizini. Sidlala singami, sihamba izwekazi lonke, kodwa singeqi emgqeni.”Lawa amazwi akhombisa ukuthi ukunqoba akukhona ithuba nje. Kungumphumela wokubekezela, wokuzinikela, nokungayeki lapho izinto zinzima.

UWilliams ugcizelele ukuthi lo mqhudelwano awuwinwanga abadlali kuphela. Ubonge ithimba labaqeqeshi , abadlali, kanye nomndeni we-Masandawana neqembu ngisho nasezikhathini ezinzima. “Kubo bonke abalandeli siyabonga ngisho nasemndenini yenu, ngoba siyazi ukuthi nihlala nisifisela okuhle njalo kukuhle kukubi .Kulapha lapho kubonakala khona umehluko phakathi kweqembu elihle neqembu elikhulu.

Ukugxekwa akuzange kubenze badikile , kodwa kwabenza basebenze kanzima.Ukunqoba i-CAF Champions League kusho ukuthi i-Sundowns ayiseyona nje inkosi yaseNingizimu Afrika. Manje isiyinkosi ye-Afrika. Futhi lesi siqalo nje. Iqembu selizodlala kwi-2026 FIFA Intercontinental Cup kanye ne-2029 FIFA Club World Cup.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.