OweMKP usola uButhelezi ngokuxova iNdlunkulu

USotswebhu weMKP KwaZulu-Natal ukhwele wadilika kuNdunakulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi emsola ngokuphendula iNdlunkulu neSilo ihlaya emphakathini ngokuziphatha kwakhe.

UMnuz Bonginkosi Mngadi weMKP nonguSotswebhu omkhulu weqembu eSishayamthetho ukhiphe isitatimende kwabezindaba ehlasela uButhelezi ngesigameko sangoLwesihlanu ntambama sokumemezela ukuxoshwa kukaShansela weNdlunkulu okuyiNkosi uMalusi Zondi nokuphenduke impicabadala ngenxa yezitatimende ezigcine zishayisana kanti nayo iNgonyama isiphikile lesi sinqumo.

Kodwa okhulumela iNdlunkulu kaZulu uMntwana Thulani Zulu waseseZibindini ukuqinisekisile ukukhululwa kukaZondi esikhundleni sakhe ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwezindaba oKhozini FM. UMngadi uthe kuyishwa ukuthi isihlalo sikaZulu sesiphenduke ihlazo ngenxa yesenzo sikaButhelezi abamsola ngokufaka ipolitiki nalapho kungafanele khona.

“Esikubukayo njenge-MKP ubungozi obenziwa uButhelezi bokusebenzisa izikhundla zakhe kupolitiki kaHulumeni ukuxova iNdlunkulu kaZulu ukuze akwazi ukulwa izimpi zakhe. Lokhu kuyingozi embi esihlalweni nasebukhosini bonkana njengoba ebuthela ngehlazo ngezinto azenzayo,,” kusho uMngadi

Uqhuba uthi isigameko sakamumva, sithele iSilo nendlunkulu yonkana ngehlazo elingachazeki futhi elifikisana ngamahloni emphakathini. UMngadi ubesho lokhu mayelana nezitatimende ezishiye uZulu wonkana udideke uphelile abanye bebambe ongezansi ngesikhathi lapho uNdunakulu kaZulu ememezela ukuvalwa kwehhovisi lezindaba zeSilo kanye nokuxoshwa kukaZondi.Kuthe kusenjalo, uZondi naye wavela kwinkulumo eqoshiwe etshela isizwe ukuthi iSilo sesimtshelile ocingweni ukuthi amanga aluhlaza ukuthi sesimxoshile.

NoNdamase wehhovisi le Silo naye utshele abezindaba ukuthi iNgonyama ithuke yoma ididwa ukuthi isimxosha manini njengoba bebebonke emizuzweni engemingaki emhlanganweni obuseMhlanga obunezikhulu zakwaStandard Bank. Akugcinanga lapho kodwa noMkhulumeli weNdlulamithi okunguMntwana uThulani umemezele oKhozini FM kubaSikibeBunda ukuthi iSilo sesibaxoshile oNdamase noZondi.Imizamo yokuthola ukuphawula kukaButhelezi iphunzile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.