IMagesi iphunyuke ngembobo yenaliti ezembeni

Ngu: Alfred Ngubane |

I-Magesi FC iguqule amatafula sekuvalwe amehlo ngesikhathi ibhaxabula kabuhlungu iRichard Bay ngo 1-0 emdlalweni wokugcina weBetway Premiership League ePeter Mokaba Stadium eLimpopo IMagesi FC ibihlezi emsileni kodwa kuthe inganqoba yasuka yasishovela i-Orbit College.

Leli qembu lizodlala ama-play offs neMilford FC kanye neCape Town City. IMagesi FC yafika kuPSL yaqopha umlando wokuba yiqembu lokuqala elabe lingomakoti beBetway Premiership League elanqoba iCarling Black label Knockout Cup.

Ngemuva kwalapho leli qembu libe selidonsa kanzima.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.