UMkhambathi FC ulahlwe elokusebenzisa abadlali abangafanele

Ngu: Alfred Ngubane |

UMkhambathi FC utholwe unecala lokusebenzisa abadlali abebengabhalisiwe ngendlela efanele nokuholele ekutheni uphucwe amaphuzu okuzowenza ungabe usakwazi ukuyomela iKZN kuma-national play offs we-ABC Motsepe League.

Lokhu kusho ukuthi kuzodlala uMsinga United noMvoti FC okuzolindeleka ukuthi iqembu elizomela isifundazwe liphume kwakathi kwabo. Umxazululi ukhiphe izincomo zokuthi uMkhambathi FC utholakale unecala lokubhalisa uThulebona Vezi ngokungekho emthethweni ngesikhathi bemsayina eqenjini le-Royal AM.Umxazululi uthe i-clearance eyasetshenziswa uwumbombayi.

UMkhambathi FC uzophucwa amaphuzu amane emidlalweni emibili eyadlalwa nguVezi, ngesikhathi bedlala noMsinga United FC neFalcons FC. Kungenzeka uMkhambathi FC usidlulise lesi sinqumo. Lokho kusho ukuthi sekungabambezela imidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe League kuzwelonke ezoqala ngoJune eMthatha.

Umdlalo uzobuyela enkundleni phakathi kwalamaqembu amabili ase Mzinyathi region ozokhipha ozoba ngumpetha wesifundazwe saKwaZulu Natal ku ABC Motsepe League.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.