
Ngu: Alfred Ngubane |
I-Chippa United isiqoke uBrendon Truter njengo mqeqeshi wayo omusha. Lokhu kuza ngemuva kokuthi leli qembu lixoshe uVusumuzi Kanu Vilakazi. UTruter uzoqala ukuhlala ebhentshini ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium lapho bezobe betholene khona neKaizer Chiefs emdlalweni we Betway Premiership League.
Lo mqeqeshi akamusha kuChippa ngoba wayengumqeqeshi wayo ngo-2021/22, ubuyile ukuze azame ukushintsha isimo seqembu elilokhu lizabalaza kule sizini ye-Betway Premiership.Umsebenzi wakhe wokuqala ngeke ube lula nhlobo njengoba leliqembu lizodlala neChiefs edlala kahle kulezinsuku.
IChippa United ivika izembe. U-Truter waziwa ngendlela yakhe yokwakha udonga oluqinile nokudlala ngeqhinga. Abalandeli be-Chippa bathemba ukuthi uzoletha ukuzinza nokuzethemba ekhempini yabadlali. I-Chippa ithi ukubuya kuka-Truter kuyingxenye yohlelo lokubuyisela iqembu endleleni efanele futhi iqinisekise ukuthi ihlala kwi-Premiership.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
