
I-IEC isiqinisekise ukuthi azizophazamiseka izivivinyo zika-matric uma sekuvotwa. Le khomishini ithe yenze izinhlelo noMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, ukuze izivivinyo zingaphazamiseki ngosuku lokhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba 4, 2026.
Okunye okuvezwe yikhomishini ngukuthi yengezelwe isabelomali ngo-R1.1 billion wokhetho. Lokhu kuvele ngesikhathi izikhulu zekhomishini zivele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende. USihlalo wekomiti i-Appropriations ePhalamende, uDkt Mmusi Maimane, uthe kubaqinisa idolo ukwazi ukuthi izivivinyo ezibaluleke kangaka ekhalendeni lezikole, ngeke ziphazamiseke.
“Ukhetho luzobanjwa ngesikhathi esimatasa sokubhalwa kwezivivinyo. Kuyasijabulisa ukuthi usuku lokhetho kuzoba yiholidi ngakho ngeke ziphazamiseke izivivinyo,” kusho uMaimane.Uthe izikhungo eziningi okuvotelwa kuzona yizikole ngakho bebekhathazekile ngokuthi kuzokwenzakalani ngezivivinyo.
UNksz Dawn Mbatha, isikhulu esiphethe izimali kwikhomishini, uthe isimo sabo sezimali sihle njengoba bethole uchatha.”Ngaphambi kokuba sisebenzise imali kudingeka silethe izitatimende zokusebenza kwemali ungakashayi uJulayi 31. Lo chatha usuvele ungakuthina sesilinde ukuwusebenzisa.
“Kuzokhumbuleka ukuthi ikhomishini yahlinzekwa ngesabelomali sika-R3.2 billion sezinhlelo zokhetho. Le mali eyokusiza kugaywe amaphepha okuvota, ukukhokhela abasebenzi abengeziwe abazosebenza ngesikhathi sokhetho kanjalo nokwenza ezinye izinhlelo ezithinta ukhetho.
UMaimane unxuse ikhomishini ukuthi iqinise imikhankaso yokunxenxa abantu ikakhulu intsha ukubhalisela ukuvota.”Liphansi kakhulu izinga lentsha ezibandakanya nokuvota kuleli. Sinxusa nokuthi igade abantu abasabalalisa izinto okungezona ezinkundleni zokuxhumana ngokhetho.”Iphini lesikhulu esiphezulu sekhomishini uMnuz Masego Sheburi, lithe ahamba ngohlelo amalungiselelo okhetho.”Sihlabela phambili namalungiselelo njengoba kuzoba nempelasonto yokubhalisela ukuvota.”Angaphezu kuka-500 amaqembu abhalisile kuleli kanti angu-20 wawo, abhaliswe kusuka ngo-Okthoba 2025 kuya kuFebhuwari 2026.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
