Sibangwa nezibi isihlabani sikamasikandi

Sinzima isimo empilweni yengqalabutho kamaskandi ngenxa yokugula osekwenze ukuthi ingakwazi nokuqhubeka nokunandisa.UThwalofu Sipho Khoza oneminyaka engu-75 ubudala usesungulelwe nesikhwama ukuze akwazi ukuziphilisa nokuzelapha.

Lesi sikhwama sisungulwe u-Ayanda Msweli ebhange lakwaFNB ngemuva komyalezo obhalelwe uMsweli ezinkundleni zokuxhumana ngendaba yesimo sempilo kaThwalofu esingagwinyisi amathe.“Kuthe uma ngibona umyalezo ngazama ukuthola izinombolo zikababa uThwalofu nokugcine ngokuthi sikwazi nokufika lapha ekhaya kwakhe,” kusho uMsweli.

UMsweli utheleke emzimi kaThwalofu osoBuka, eMpangeni nezinye izinkakha zikaMaskandi kubalwa kuzo uHhashi eliMhlophe Ngcobo, uNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko eKZN uMnuz Mtomuhle Khawula nosomabhizinisi abehlukene abafike emzini.Kulesi sicelo sikaMsweli bonke bashaye ibhakede okuvulwe ngalo isikhwama ngenhloso yokwelekelela uThwalofu.

Le mali uMsweli uthe isizolekelela nasekulungisweni kwendlu kaThwalofu abekhala ngokuthi ayisekho esimeni ikakhulukazi uphahla lwayo.UThwalofu uqale ukucula ngeminyaka yo-1970 kanti kuthe ngonyaka ka-2014 wamemezela ukuthi usezibeka phansi izintambo kwezomculo. Kodwa kuthe ngonyaka ka-2015 wakhipha iCD yesi-44.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.