UMkhambathi FC engcupheni yokuphunyukwa iqatha emlonyeni

Ngu:Alfred Ngubane |

UMsinga United usufake uMkhambathi FC kwikhomishini yabaxazululi ngodaba lokubhalisa abadlali ngendlela engalungile. Lokhu kuzoholela ekutheni ziphazamiseke izinhlelo zoMkhambathi zokuyomela isifundazwe emdlalweni kazwelonke yama-play offs e-ABC Motsepe League.

Ngokwembiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana, UMsinga United uthi uMkhambathi usebenzise abadlali ababili ababhaliswe ngendlela engalungile emdlalweni wesigaba sokuqala we-ABC Motsepe League.

Labadlali baphinde badedelwa yileli qembu loMkhambathi FC ngoba kwabakhona obathiphisayo ukuthi benze iphutha lokusayina abadlali ngendlela engekho emthethweni. UMkhambathi wasayina abadlali beRoyal AM eyaxoshwa ebholeni lakuleli, leli qembu kwakumele libasayine kuSAFA ngoba yiyona enegunya.

IBunda News lishayele uSihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza kodwa oshaye ngamafuphi wathi ngeke akhulume nabezindaba njenga manje ngoba udaba lukuSAFA. UNtuthuko “Cream” Mlaba oyimenenja yoMkhambathi naye ushaye ngamafuphi wathi udaba selufikile kubona kodwa ngeke njenga manje baphawule ngoba loludaba lukuSAFA, wengeza ngokuthi sebeyolinda suku lokubizwa enkantolo.

Mangabe uMkhambathi utholakala unecala uyophucwa amaphuzu amathathu umdlalo ngamunye umdlali awudlalile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.