UDithejane usewutholile umgqigqo wakhe eMelika

Ngu: Alfred Ngubane |

UPuso Dithejane ongumdlali waseswini weChicago Fire usewutholile umgqigqo wakhe ebholeni laseMelika. Lo mdlali usuke ebhentshini bedlala neDC United wafika washintsha umdlalo kubadlali basemuva beDC United.

Bagcina bemdlalisa kabi lomdlali ngendlela ekade ebahlupha ngayo abadlali beDC United.

IChicago Fire igcine ithola iphenathi nokugcine ngokuthi leliqembu linqobe ngo 3-1. Umqeqeshi weChicago Fire Gregg Berhalter ukholwa ukuthi uDithejane usewutholile umgqigqo wakhe.

“Ngicabanga ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu wase Ningizimu Africa. Lo mdlali usazoba nzima kakhulu njengamanje kodwa kuzomele aqhubeke nokusebenza kanzima ejimini,” kusho uBerhalter.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.