
Umholi weNational Coloured Congress, u-Fadiel Adams, udedelwe ngebhayili likaR10 000 enkantolo yeMantshi yase-Pinetown ngoLwesihlanu.U-Adams waboshwa ngo-5 May e-Cape Town ngamaphoyisa e-Political Killings Task Team.
Ubhekene namacala okukhwabanisa nokuphazamisa ukusebenza komthetho. Imantshi uWendalyn Robinson uthe ngemuva kokucubungula ubufakazi bombuso nabameli, ufinyelele esiphethweni sokuthi u-Adams ungumuntu ofanele ukukhululwa ngebheyili.
Ngesikhathi emkhulula, umxwayise ukuthi alandele yonke imigomo yebheyili futhi ahloniphe umthetho. Eminye yemigomo ukuthi kumele abike esiteshini samaphoyisa sase-Mitchell’s Plain kabili ngeviki – ngoLwesibili nangoLwesine – kuze kuphele icala lakhe.Icala lihlehliselwe mhlaka 14 August 2026.
Umndeni wakhe ujabule ngaphakathi enkantolo ngesikhathi ekhululwa ngebheyili. U-Adams naye wabonakala eshaya umthandazo omfushane emva kokunikwa ibheyili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
