
I-National Prosecuting Authority (NPA) , iyasemukela isigwebo sikadilikajele esikhishwe yiNkantolo eNkulu eThekwini igweba owayeyiphoyisa lomkhandlu uThulasizwe Qiniso Sishi (41).
Ummangalelwa uhlambulukile wavuma icala ngokuka-Section 112 of the Criminal Procedure lokubulala umkakhe uThandokuhle Verontter Sishi (48) ngoJuly 2025.Ngesikhathi ehlambuluka , uthe yena nomufi babehlala ndawonye. Uthe babehlala bexabana okwaholela ekutheni behlukanise umshado ngoNovember 2024.
Babuye bashada kabusha ngoMay 2025.Ntambama ngo-25 July 2025 , uSishi wayehleli nabangani bakhe ethaveni yendawo lapho aphuza khona amabhodlela amane otshwala thizeni. Ngaleso sikhathi umkakhe nendodakazi babesekhaya.
Uthe yena waqeda ukuphuza wase eya ekhaya nokulapho abafika baxabana khona kabi nonkosikazi. Uthe waphuthuma ekhishini wathola ummese wagwaza umufi emphindelela amanxeba amaningi esifubeni nakwesingezansi.
Wakhala umufi ecela usizo kodwa uSishi wabavimba omakhelwane ababezolekelela. USishi waqeda lapho wazisika esihlakaleni ezigwaza esifubeni ezama ukuzibulala. Amaphoyisa afika endaweni yesigameko ambopha amyisa esibhedlela wayolashwa.
UMshushisi u-Advocate Rakesh Singh , wethule isitatimende selungu lomndeni kamufi lisibhale leluswe wuThandeka Nadi Mofokeng. Ilungu lomndeni lichaze umufi njengomuntu obemnene. Ilungu lomndeni lithe bagqemeke engeqiwa ntwala futhi bazohlala bekhala ngalokhu.
Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe lo mlisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.Ukulwa nesihlava sodlame lobulili kuseqhulwini kwi-NPA , thina nezinye izinhlaka sizimisele ukuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ziyajeziswa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
