Ahamba ezinyathelweni zama Springboks amabhokobhoko amancane

Ngu: SIWE SHOZI |

IJunior Springboks inqobe isicoco sayo sokuqala seWorld Rugby U-20 Championship ngemuva kokubambana ngo 29-29 ne-New Zealand eNelson Mandela Bay, eGqeberha izolo.Leli qembu eliphekwa uKevin Foote, lize kulo mdlalo wokugcina lidinga i-bonus point eyodwa ukuze liqinisekise ukunqoba lo mqhudelwano njengoba bewaguqisile amaqembu abakade bebhekene nawo ngaphambili kubalwa i-Argentina ne-Australia.

Esiwombeni sokuqala iNew Zealand iqale ngomfuthu ophezulu kakhulu kodwa iNingizimu Africa yakwazi ukusheshe iphendule nge try yomgadli uRambo Kubheka elandela iraualing mall , kwalandela nethuba elihle elitholwe u-Akahlulwa Boqwana kwagcina sekuyi Ningizim Afrika eseyihamba phambili ngo 22-15 kwayiwa ekhefini.

Emzuzwini embalwa kubuywe ekhefini uSamuel Badenhorst uthole i-try eyi bonus point ebeyizosiza kakhulu iqembu livekele isicoco. Igcine ilwa iNewzeal land kodwa bagcina bethola amaphuzu alinganayo kanti ukunqoba lo mqhudelwano yize bedlala ngokulingana abafana baFoote kusho ukuthi uma ubala imidlalo abayidlale kusuka ngo-Meyi wangonyaka odlule kuza manje abakahle bahlulwe.

Emuva komdlalo ukaputeni wama-Junior Springboks, uRiley Norton, uzwakalise ukuziqhenya kakhulu ngemiphumela. “Ukusebenza ngokubambisa siyiqembu yikona okuholele ekutheni sinqobe lesi sicoco, nokuxhumana kwethu siyibadlali yikona futhi okube nomthelela” kusho uNorton.

Uhlu lwabadlali abeze namaphuzu kulo mdlalo:Junior Boks (29)- Tries: Akahlulwa Boqwana (2), Rambo Kubheka, Samuel Badenhorst.Conversions: Yaqeen Ahmed (3), iphenathi: Yaqeen Ahmed New Zealand (29)- Tries : Dane Jonhston, Ollie Guerin, Caleb Woodley, Finn McLeod, iphenathi neConversion: Cohen Norrie


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.