UNgema uqokwe kwesokuhola iDA eKZN

Ngu: Philasande Gumede noZasembo Mkhize

USithembiso Ngema ukhethwe njengo mholi omusha weDA KwaZulu-Natal engqungqutheleni ebibanjelwe e-Olive Convention Centre eThekwini ngoMgqibelo.UNgema oyikhansela eThekwini uhlule uMzamo Billy oyiLungu lePhalamende eKapa emzuliswaneni obunzima.UNgema ungena esikhundleni sikaFrancois Rodgers okunguye obehola isifundazwe.

UMartin Meyer uqokwe njenge sekela likaMadlokovu. Ethula inkulumo yakhe, uNgema unxuse ubumbano waphinde wagcizelela ukuthi manje kufanele kugxilwe ekulungiseleleni ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovemba 4. Uthe bazimisele ukuqhudelana neMK Party kuwo wonke amakhona esifundazwe.

URodgers ophumayo esikhundleni uthe usebe yingxenye yeqembu iminyaka engu 30, wengeza ngokuthi iminyaka engu 15, uyichithe ebuholini emazingeni ehlukene. Evula ingqungquthela, umholi weDA kuzwelonke uGeordin Hill-Lewis uthe iqembu labo selikulungele ukubusa omasipala.

Uthe bafuna ukuhlwitha imikhandlu emikhulu KwaZulu-Natal. Phakathi kwemikhandlu abayifunayo kukhona iTheku, uDukuza noMsunduzi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.