
Ngu: Minenhle Mpembe noZasembo Mkhize |
UHulumeni waKwaZulu-Natal oholwa uThami Ntuli uhlangene noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi nabeMarch and March ngenhloso yokuzama iqhingasu lokuqeda abokufika abakuleli ngokungemthetho. Lapha bekuxoxwa ngezinhlelo nezinhlangano zomphakathi, ababambiqhaza emphakathini kanye namaqembu ahlukahlukene anentshisekelo mayelana nezinselelo ezikhulayo ezihambisana nokufuduka kwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.Inhlangano iMarch and March ibimelwe uJacinta MaNgobese-Zuma nomdidiyeli wamabutho kwaNongoma kwaMandlakazi uPhakel’ umthakathi Ndabandaba.UNtuli uthe sikhulu isikhalo ngabokufika abakuleli ngokungemthetho. “Sizobheka ukuthi singenza kanjani ngokubambisana nokugcina umthetho. Abantu abavela kwamanye amazwe bamukelekile ukuza KwaZulu-Natal kodwa kumele bebe kuleli ngokusemthethweni, ngakho abangenawo amaphepha angekho emthethweni kumele bahambe.” usho kanje. UMkhwanazi uthe kuneziteshi ezingaphezulu kwekhulu nesishiyagalombili kulesifundazwe ngakho, uyale bonke abaphathi beziteshi ukuba njalo ngenyanga bahlale bexhumana nomphakathi. Umholi weMarch and March, uJacinta uthe abanavalo ngohlelo lwabo ngoba balenza ngokusemthethweni.UNtuli uphethe ngokuthi njengoba belwisana nabokufika abakuleli ngokungekho emthethweni, akekho abamcwasayo. aloludaba akekho abamucwasayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
