
Ngu: Alfred Ngubane |
I-South African Football Association (SAFA) isayine i-memorandum of understanding (MoU) ne-Bundesliga Media ngenhloso yokuqinisa ukuthukiswa kwebhola eNingizimu Afrika. Lobu budlelwano bugxile ekuthukisweni kwentsha.
Iqembu le-SA U-16 lizoya e-Germany kusukela mhla ka-15 kuya mhla ka-25 May 2026 ukuyoqeqeshwa. Lolu wuhambo lokuqala olukhulu ngaphansi kwalesi sivumelwano, lapho abadlali abasha bezothola ithuba lokuyophekwa eGermany.
Ngaphandle kwentsha, i-MOU ihlanganisa:- Isu lokusiza i-SAFA ukuthola abaxhasi nokukhulisa imali- Ukuqeqeshwa kwabezindaba Ukuqinisa abahlaziyi nezintatheli zebhola- Othisha base-Germany bazofika ukuqeqesha othisha base-SA- Ukuhlanganyela nabalandeli Ukuzisebenzisa ubuchwepheshe be-Bundesliga ukusondelisa abalandeli eqenjiniI-Bundesliga isivele inehhovisi e-Johannesburg futhi iqhubeka nokuletha amaqembu ayo e-SA.
I-RB Leipzig kulindeleke ukuthi ivakashe maduze njenge ngxenye yalo mkhankaso. Inhloso enkulu ukwakha izindlela ezizimeme zokuthi abadlali, othisha, kanye nabaphathi bakhule kusukela emazingeni aphansi kuye phezulu, kuhlanganiswe ubuchwepheshe base-Germany nothando lwasekhaya lwebhola.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
