
I-Mark Fish Foundation nohlelo lokuthuthukisa intsha ebholeni
Ngu: Alfred Ngubane |
I-Charlton Athletic, iqembu le-English Championship, isiqalise uhlelo lwayo lwe-International Football Programme eNingizimu Afrika ngokubambisana ne-Mark Fish Foundation.
Lengwazi yeBafana Bafana kanye ne-Orlando Pirates, uFish, osake wadlalela i-Charlton ngasekupheleni kwawo-1990 kuya ekuqaleni kwawo-2000, usayine lesi sivumelwano kanye nomqeqeshi wakhe wangaphambili u-Alan Curbishley.
Lolu hlelo luzoletha:- Ukuqeqeshwa kwentsha -Izinhlelo zokuqeqesha abadlali abasha e-Gauteng naKwaZulu-Natal- Indlela yokuthukisa abadlali.
Ukwakha izindlela ezicacile zokuthi intsha ifike eqenjini elikhulu- Amaphrojekthi omphakathi Ukusebenzisa ibhola ukuthukisa imiphakathi- Ithuba eliqondile yokwakha indlela yethalente eqondise ngqo e-Charlton Athletic e-England.
U-Fish owabamba iqhaza kuBafana Bafana eyanqoba-AFCON 1996, uthe kuyamjabulisa okwenziwa i-Charlton ukusiza intsha yakuleli.”Le nto ayikho mayelana nami kuphela. Ikhona mayelana nokuvulela abantwana bethu amasango,” kusho yena.
Lesi sivumelwano siza ngesikhathi i-Charlton ifuna ukuqinisa i-academy yayo ngokuthola ithalente e-Afrika, kanti INingizimu Africa ibhekwa njengenye yezindawo ezinabadlali abanethalente elikhulu kodwa abadinga ithuba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
