
Ngu Minenhle Mpembe |
Amaciko aKwaZulu-Natal amashe elibangise ePlayhouse eyokhala ngezinsolo zenkohlakalo okuthiwa yenzeka khoa. Lamaciko afuna ukuthi babambisane nePlayhouse njengoba benobudlelwano ngoba uma kukhona izinto abazenzayo ezihlanganisa abantu bazenzela khona.
USihlalo wamaciko we-Creative Industries Federation of South Africa, uHoward Msomi, uthi uma bezokwenza izinto lana kumele bekhokhele abantu abasebenza nabo, isikhathi esengeziwe, njengomuntu ongumkhiqizi kuphela umcimbi engasazi uzowenza kanjani.

“Uma kuzowenzeka okuthile, imali esuke ikhishwe uhulumeni kuyaye kuthiwe eyokulungisa indonga, ugesi, kanye nokukhokhela izisebenzi kodwa kungabi khona ebhekene nezinhlelo,” kusho uMsomi.
Amaciko akhalaze ngokuthi ePlayhouse, kunomuntu oyedwa ophethe izikhundla ezimbili owumqondisi wokuphatha aphinde abe isikhulu esiphezulu esiphethe.
USihlalo wamaciko kwiLembe District, uGoodman Mbalazi, uthi bafisa ukuthi lemali ekhishwe ePlayhouse eyizigidi eziyisikhombisa zamarandi kubalwe namaciko kuyo ngoba bezwa engathi izwi labo alizwakali njengoba bengakaze bathole ukuxhumana okuvela khona.
Amaciko athi amabhokisi omngcwabo abafike nabo atshengisa ukuthi iPlayhouse ibifuna ukuqeda ngamasiko kodwa lokho ngeke kusenzeka ngoba nabo bazongcwaba inkohlakalo ngawo lamabhokisi.
Baphethe ngokuthi uma bengalalelwa bazozithathela bona izinyathelo ukulungisa isimo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
