Uvalo ngemibiko yokuhlabeka koMdala

Isilo samabandla uMisuZulu kaZwlithini kubikwa ukuthi uhlatshwe ukugula. Izindaba zokudunguzela kweNdlulamithi uMisuzulu kaZwelithini zihletshelwe iScrolla.Africa imithombo ethembekile ngoLwesine ukuthi Ingonyama inomkhuhlane.

“Uphuthunyiswe esibhedlela ngemumva kokubuya eSwatini kanti ubelungiselela ukuba ayombesa uNdlunkulu wakhe wesibili uNozizwe Mulelo wakhona eSwatini. Inkinga asazi kahle ukuthi omdala uphethwe yini ngoba nabakwabo ngathi bebengakayi ukuyomvakashela esibhedlela,” kuchaza umthombo ocele ukungadalulwa nangengozi.

Lesi sibhedlela Ingonyama okuthiwa sifakwe kuso sidume ngokuba nochwepheshe abalapha izifo ezihambisana nenhliziyo, uhlangothi nezinye ezibucayi. Kuzokhumbulea ukuthi kusona lesi sibhedlela kuke kwalaliswa uNdlunkulu uNomzamo kaMyeni wesigodlo saseMachobeni ngonyaka owedlule ngemumva kokushawa uhlangothi ebuya emcimbini wokuvulwa kwesiShayamthetho saseKZN.

Okhulumela Ingonyama, uMntwana uThulani Zulu waseZibindini uthe iSilo siziyele esibhedlela nokujwayelekile nangokohlelo lwaso lokuhlale siyozixilonga kodokotela.

“Ingonyama ihlale ihlale iye kodokotela bayoyixilonge njengawo wonke umuntu. Okunye ibikade iseSwatini kanti uzokhumbula ukuthi isikhathi sasebusika lesi wonke umuntu ungenwa umkhuhlane. Ngaphandle kwalokho mina akukho engikwaziyo ukuthi usezewalaliswa esibhedlela ngaphandle nje kokuba ayoxilongwa. Njengoyise bebezongazisa uma sekunjalo,” kusho uMntwana uThulani.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.