
Ngu: SIWE SHOZI |
ASEPHELILE amathikithi omdlalo okuyobuka iMamelodi Sundowns FC ezobhekana neKaizer Chiefs, eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesithathu ntambama.
Kuyiwa kulo mdlalo ezikaPatrice Motsepe ziqhwakele kwiligi yeBetway Premiership nekungangabazwa nakancane ukuthi nakulo nyaka bazozidlela amahlanga njengoba sebeyinqobe amahlandla angu-8 kulandelana iligi.
Nokho-ke umdlalo walama qembu uzoba nzima ngoba IMamelodi Sundowns iphuma ekudlaleni ngokulingana neRichards Bay FC esontweni elidlule, neKaizer Chiefs iphuma esibhaxwini sika 2-0 iguqiswa iSiwelele FC, yikho kungelula neze ukuqagula ukuthi obani abangase bantshontshe amaphuzu agcwele yize inkundla ivuna iMamelodi Sundowns ngoba izobe idlale ekhaya.
Kodwa uma inqoba iMamelodi Sundowns ngeke isaba nengcindezi ngemidlalo eyisalele, uma ilala futhi iyona ezozivunela ekutshalile njengoba EzikaMagebhula ziyibhekile iligi eseyethiwe negama kwizinkundla zokuxhumana kwathiwa “iligi yeMamelodi Sundowns”Ngesimo sokuthi begcina ukuhlangana eFNB Stadium emlenzeni wokuqala bacazelana ngamaphuzu kumele kulo mdlalo wangoLwesithathu kube khona iqembu elithola amaphuzu agcwele, okunye okubalulwe ilamaqembu ukuthi umthetho uzobe uqinile uma abalandeli sebetheleka ukuzokwethamela umdlalo futhi azobe engadayiswa enkundleni amathikithi, umdlalo ungo 19H30.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
